EPISODE · Sep 18, 2023 · 13 MIN
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 18 September
from Jabulujule 9 -12 · host ukhozi fm
Ngiyabingelela emsakazweni ohamba phambili minangowesifazane oneminyaka ewu 20, nginenkinga nje yokuba no Mamaojolayo, uMama wami uneminyaka engaphezu kuka 50 kanti ujola njenomfana ongishiya ngeminyaka emineInkinga ke ukuthi lomjolo ka Mama nalo mfana usumfake kwezinkulu izinkingayezikweleti, ayikho into uMama angayenzeli isoka lakhe uma nje selishiloukuthi lifunani sengamane thina ekhaya silale singadlile ukuze phelaazomthengela into ayifunayo Lapho yena umfana uyasebenza kodwa umaeholile uyanyamalala nje angaziwa ukuthi ukuphi aze abuye engasenayo imaliesozoyicela kuMamaOkongiphatha kabi kakhulu ukuthi nginakho ukuhlangana naye lomfana umangizophuma nabangani bami siye ezindaweni zobumnandi angabi nawoamahloni ukuthi ngikhona enze noma yini phambi kwami namanyeamantombazane kanti futhi njengoba engumuntu wobumnandi nje akeveewalahla amafoni akhe mase ecela uMama ukuthi amthathele enye estolongesikweleti kuyimanje nje uMama akanalo ucingo ngoba walinika isokalakhe nakhona ngoba akasakwazi ukuthatha estolo ngesikweletiOkokugcina nje okongiphatha kabi kakhulu ukuthi uMama ubeyiboleka imalikubantu azwana nabo kodwa manje abasamniki ngoba akakhokhiosekumenza ke manje aboleke komashonisa, usedayisa izinto zasendliniukuze nje azonika isoka lakhe imali, kubuhlungu kumina ukumbona engenakangaka ezinkingeni lapho angikwazi nokumsiza ngoba mina ngiyafundaangisebenziNgiyafisa ukumsiza ukuthi abone indlela azimoshela ngayo kodwa angaziukuthi ngenze kanjani ukuthi abone futhi angizwe ngoba phela hlampeuzobona ngathi ngiyameyisa uma ngingena izindaba zakhe zothando celaningisize ngemibono yenu.
NOW PLAYING
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 18 September
No transcript for this episode yet
Similar Episodes
Feb 4, 2026 ·18m