PODCAST · education
Jabulujule 9 -12
by ukhozi fm
Jabulujule with Lady D kuKhozi FM is an interactive magazine show catering for a wide variety of listenership with the aim to deliver information, provide entertainment and build the nation. It tackles diverse issues, topics and news whilst also bringing the listener an assortment of the best of SA entertainment, current issues, debatable issues, to more light hearted and laid-back issues. The show is engaging, insightful, friendly and often tries to instil a spirit of togetherness amongst its listeners. Rural development, women empowerment, crime awareness, health and lifestyle are part of what characterizes the show. The show sets out to inspire & uplift, inform and give insight, educate and empower, all while entertaining the listener.
-
1000
#Jabulu Jule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - 23 June 2026
kubungazwa oBaba eNingizimu Africa, sisaqhuba kulelo giya ngoba umuntu wesilisa ubalulekile ekhaya nasemphakathini. Siyazi ukuthi akusiwownke umuntu onguBaba, abanye bayafisa kodwa isimo sempilo singavumi so namhlanje uDokotela uzobe eqwashisa, efundisa ngezindlela zokuthi umuntu wesilisa akwazi ukwandisa umndeni, wonke umuntu abizwe ngobaba kungabi khona osala ngaphandle. (Tips on increasing stronger sperm cells and sperm counts ukuze izinhlamvu zizokwazi ukufinyelelela eqandeni)
-
999
#Jabulu Jule - Tea Time (Ngingowesifazane othandana nabanye besifazane) - 23 June 2026
Ngiyabingelela emsakazweni ohamba phambili, ithimba lonke le Jabulujule nabalaleli emakhaya. Ngingowesifazane othandana nabanye besifazane, ngiganiwe manje ngifuna ukuthatha owesibili manje inkinga ubeshadile ngaphambilini nomunye wesifazane. Inkinga ke ilo wesifazane abeshade naye ongafuni ukusayina amaphepha esehlukaniso ngoba ethi usafuna kube nemali abahlukaniselana yona. Okuyinkinga ukuthi uvele unemali amqola yona ewu R120 000. Ngiyacela mom Khoza nabalaleli ngemibono nokuthi yini okumele ngiyenze ngifuna ukushada nomuntu wami
-
998
-
997
-
996
-
995
#Jabulu Jule - Tea Time no Lady D - 17 June 2026
Nginenkinga la 4yrs back ngasukelwa uMakoti wakwaMakhelwane uthi wazaliswa ubaba omdala wezingane zami, kuthe kunosiko Kubo kamyeni wami. Kuthe Sekusondele usuku lokuthi kwenzelwe ingane yami usiko AFIKE kimi 10 min umakoti wakamakhelwane athi ucela ukuthi Uma sekwenzelwa eyami kufakwe neyakhe, ngase ngithi ngicela ahambe akhulume nobabo mdala Kube uyena okhuluma nomyeni wami, angakwenzi lokho ngoba ufuna Kube imina engitshela umndeni. Lufike usuku lokwenza usiko zenzelwe ingane, isale eyakhe ngoba akezanga ukuzozikhulumela. Ngakusasa afike uMakoti wakwaMakhelwane, uzongilwisa ngokuthi wayengitshelile mina ukuthi ingane eyasemzini. Kodwa manje ukhona owamzalisa akatsheli yena, uthe uma esefikile ngosuku olulandelayo kwayima eyikhuluma indaba kukhona nenguduso yakhe ubabomdala. Wabe esechazelwa ukuthi ngeke besakwazi ukwenzela ingane isiko ngoba ingane kumele iqale ibikwe emsamu ngaphambi kokuba iye esbayeni, manje yena usebeka mina icala lokuthi ingane eyenzelwanga isiko ngenxa yami
-
994
-
993
#Jabulu Jule - Mental Health no Langelihle Mngxati - 16 June 2026
Intsha ka 1976 yayilwela ilungelo lokufundiswa ngezilimi ezingena ngcindezelo, eyanamuhla intsha yona ilwa no khwantalala lwe mental health olugcina luyifaka ezidakamizweni nasekuthatheni izimpilo zayo ngokwayo.
-
992
#Jabulu Jule - Mpilonhle Mpilonde with Dr Mthembu ( HIV ) -16 June 2026
Emasontweni amabili edlule, kwethulwe ngokusemthethweni umjovo wokuvikela umuntu ukuthi angalitholi igciwane le HIV, sizozwa kabanzi ukuthi usiza kanjani lomjovo u Dr Nomcebo Mthembu uzowuchaza kahle ukuthi usebenza kanjani
-
991
#Jabulu Jule - Dr Dumisani Zuma odume ngelika Baba u Dokotela - 15 June 2026
Dr Dumisani Zuma odume ngelika Baba u Dokotela ezinkundleni zokuxhumana.
-
990
#Jabulu Jule -Notha uJule ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala ( I Will i iyini ) - 15 June 2026
sicela uqale ngokuyichaza I Will ukuthi iyini, futhi kungani kubalulekile ukuthi wonke umuntu abe nayo?
-
989
#Jabulu Jule - Ncipha Bugebengu no Linda Thahane - 15 June 2026
Ncipha Bugebengu no Linda Thahane oyi Director ka Jotela Mtika Consulting. Sikhuluma nge Incorrect finger prints capturing, ukuphambana kwembiko uma kuthathwa izithupha nokuthi kunamuphi umthelela ekukhipheni igama lakho ohlwini labantu abanamarekhodi okuginqa izithupha
-
988
-
987
-
986
-
985
#Jabulu Jule - Mental Health no Langelihle Mngxati - 09 June 2026
Mental Health no Langelihle Mngxati
-
984
#Jabulu Jule - Tea Time - 09 June 2026
Mam Dudu liyangishisa lelitiye, ngiwu anonymous. Ngiyindoda esebenzela kude nasekhaya, ngibuya kathathu noma kane (4) ngonyaka ngenxa yokubambeka emsebenzini. Uma ngigodukile ngizizwa ngiyindoda ngithandwa ngoba ngithola ukunakwa nokunakekelwa ngayo yonke indlela. Inkinga yami yaqala ngizithola ukuthi ngiyagula ilezizifo ezikubamba amasonto ambalwa bese ziyakudedela. Ngangilokhu ngithi izifo zokukhula kodwa uma emtholampilo sekuthiwa ngino STDs ngabona ukuthi kunakele ekhaya ngoba mina anginaso isikhathi sokulandela amantombazane azodla imali yezingane zami. Umama wezingane zami angikaze ngimbambe nomuntu wesilisa kodwa ngesikhathi ngisemtholampilo kwavele kwacaca ukuthi lento ngayisulelwa uyena. Inhliziyo ibambelele ifuna incazelo manje angiyazi lento ngiyiqale ngaphi ukukhuluma naye. Nginombuzo owdwa ukuthi lamadoda axolela abafazi uma bephingile basuke bexole ngempela noma ikhohlisana ihlomile?
-
983
#Jabulu Jule - Mpilonhle Mpilonde with Dr Mthembu (Sisesikhathini la kushintsha khona I season) - 09 June 2026
Sisesikhathini la kushintsha khona I season
-
982
-
981
#Jabulu Jule - Tea Time no Lady D- 08 June 2026
Ngiyabingelela mum khoza, njengoba ngibhala lendaba nginamahloni. Ngahlangana nomuntu engangithandana naye e rank e pinetown. Nami ngabona uswahla lensizwa ngathatheka. Wathi eqala engicela ukuthi siyophuza Ikhofi ngase nginqumile futhi ngibonile ukuthi kuzoba umyeni wezinkomo Kushuthi ngokuhamba kwezinyanga ngazithola ngizithwele ingane yalo uswahla lensizwa, ngahlala ngalinda ngosuku eyethembise ukuthi uzovela ngalo ekhaya, akazange afike kunalokho wangitshela ukuthi ushadelwe. Angikaze ngimbone efake I ring ngisho mhla siqala ukubonana, akaze ayithi vu leyo. Sengamukela ukuthi ngadlalwa umuntu wesilisa ngicabanga ukuthi ungifisela ikusasa elihle naye kanti uziqhubela isikhathi ngami. Nginombuzo mum khoza, kungani abantu besilisa bezifihla ukuthi bashadelwe kodwa baziveze njengabantu abangaganiwe?
-
980
#Jabulu Jule - Ncipha Bugebengu no Brigadier (finger prints) - 08 June 2026
Ncipha Bugebengu no Brigadier u Nduduzo Bhengu oyinhloko yakwa SAPS esifundazweni saKwaZulu Natali ophikweni le Criminal Record and Crime Scene Management (Kwa-Zulu Natal). Namhlanje sibheka udaba lokuhlonipha umthetho njengokuthi uma ufika kwi crime scene endaweni yesigameko kuthiwa ungathinti lutho kuze kuqedwe ukuthatha ubufakazi nama ama finger prints ukuze ungazitholi uboshelwa ukuzaphamisa noma ukuvimbela ukusebenza komthetho.
-
979
-
978
-
977
-
976
-
975
-
974
#Jabulu Jule - Tea Time no Lady D - 01 June 2026
Angibingelele Mam Khoza, nginoMama bezingane abathathu nezingane ezintathu. Ngangigijima ngezikhathi zami ngisemusha manje sengimdala sengizinikele enkosini. Ngibe sengibona imbali enhle ekholwayo ngayilandela. Lentokazi, ayinayo ingane futhi sengiyilobolile ngoba ngibone sekuyisikhathi sokuthi ngishadelwe ngibe nomndeni, ekhaya kubo bangamukelile kodwa ngapha ekhaya umndeni awuboni ngaso linye ngoba bafuna ngithathe omunye womama bezingane othandwa yibona kanti mina sengizibophezele ukuqala umndeni nayo lentokazi. Ngiyafisa ukwazi ukuthi kuyicala yini 10 min ukushada nomuntu ongenayo ingane naye?
-
973
-
972
#Jabulu Jule - Notha uJule ngezamabhizinisi (Repo Rate) - 01 June 2026
Sino Mpumelelo Zikalala from Zikalala Attorneys, unguzomabhizini aphinde abe umhlaziyi wezomthetho. sikhuluma Repo Rate, okuyizinga lenzalo elibekwa yi South African Reserve Bank eyaziwa ngokuthi iBhange Elikhulu laseNingizimu Afrika. Leli bhange liyisikhungo esinomsebenzi wokuphatha nokuvikela uhlelo lwezimali lwezwe futhi iyona ephethe ukukhishwa kwemali yaseNingizimu Afrika, okuyi currency yeRandi. Uma I repo rate inyuka, ukuboleka imali kubiza kakhulu njengoba amabhange enyusa inzalo yawo. Lokhu kungaholela ekutheni abantu banciphise indlela abasebenzisa ngayo imali. Kodwa uma i-repo rate yehliswa, ukuboleka kuba lula futhi kushibhe, okungakhuthaza abantu namabhizinisi ukuthi batshale imali. I Repo Rate iyithuluzi elisetshenziswa yi Reserve Bank ukulawula ukwenyuka kwamanani ezimpahla nezinsiza nokugcina umnotho wezwe uzinzile.
-
971
#Jabulu Jule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - 01 June 2026
sikhululuma no Mondli Dlamini owaqala ukuganga eneminyaka eyishumi nane (14) owenza amacala obugebengu bokubamba inkunzi kuhlonyiwe waphinde waba necala lokubulala. Nakuba engaphandle kodwa usaya e police station ukuyosayina kuze kube unyaka ka 2038 esayina. Sizozwa ngesigwebo esikhishwa inkantolo ngamacala okubulala nokuphanga kuhlonyiwe nokuthi yini le esayinwayo.
-
970
-
969
#Jabulu Jule - Bishop Benjamin Dube - 28 May 2026
sihamba no Bishop Benjamin Dube oshintsha izimpilo zabantu ngamazwi akhayo nabuyisa ithemba. Ziningi izinto esidlule kuzo siyizwe, singabantu kodwa asiziniki ithuba lokuhlala phansi sikhothe amanxeba ngoba le mpilo esiyiphilayo iyadimanda
-
968
#Jabulu Jule - IKHAYA LAMACIKO no Siyabonga Mpungose - 27 May 2026
IKHAYA LAMACIKO no Siyabonga Mpungose
-
967
#Jabulu Jule - Ingono yoMsamu no VVO ( eseziphenduke isiko noma amasiko esintwini kodwa zibe ziqale ngokuba imikhuba) - 27 May 2026
Eseziphenduke isiko noma amasiko esintwini kodwa zibe ziqale ngokuba imikhuba.
-
966
#Jabulu Jule - Linda Mtoba - 26 May 2026
Kulenyanga besibungaza I Mother’s Day kanti kulelisonto siqala I Child Protection week. Sibheka ubudlelwane phakathi kwaMama nengane njengoba sesiyigoqa lenyanga kaNhlaba. Sixoxa noMzali ongumlingisi wakuleli futhi oyi influencer u Linda Mtoba oneminyaka eminingi esendimeni kaqedisizungu.
-
965
#Jabulu Jule - Tea Time no Lady D - 26 May 2026
Ngicela ungifihlisise, ngiyindoda ephila impilo ehlelekile. Nginonkosikazi esengiphile naye iminyaka futhi angikaze ngibheke omunye umuntu wesifazane ngendlela engibukayo umkami. Kuthe ngelinye ilanga sizixoxela emsebenzini nozakwethu, kwase kungena indaba yokuthi abafazi bethu bayalishaya ibhodwe kanti lamantombazane angaganile ayavilapha ukupheka futhi amanye awakwazi ukupheka. Kwakunentokazi eyayizithulele ngesikhathi kunalenkulumo mpikiswano ivele iwumuntu ozothile, yavele yafika ngakusasa ingiphathele isikhaftini ithi izongizwisa isandla sayo ebhodweni.
-
964
#Jabulu Jule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu (Werners syndrome) -26 May 2026
sibona ngeledlule owesifazane ophumele ezinkundleni zokuxhumana ecela usizo ngoba uvele washwabana ubuso engathi umuntu oseneminyaka eminingi ephila emhlabeni. UDokotela namhlanje uzobe ekhuluma ngayo lendaba etrendayo ye Werners syndrome.
-
963
-
962
-
961
-
960
#Jabulu Jule - Ncipha Bugebengu no Linda Thahane - 25 May 2026
Ncipha Bugebengu no Linda Thahane onguMqondisi we Jotela Mtika Consulting. Sikhuluma ngodaba oluhlupha abaningi,udaba lokususa kucishwe ngokuphelele irekhodi lobugebengu (Expungement) lokhu kwenziwa esikhungweni se South African Police Service Criminal Record Centre, lokhu kusho ukuthi umlando walelo cala uyacishwa ngokuphelele. Lolu hlelo lulungiswa u UMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo (Department of Justice 5 min and Constitutional Development), umuntu kudingeka akhokhe imali yokuthola isitifiketi (Police Clearance Certificate) uma izithupha sezicishiwe.
-
959
-
958
#Jabulu Jule -IKHAYA LAMACIKO no Siyabonga Mpungose - 20 May 2026
IKHAYA LAMACIKO no Siyabonga Mpungose eKhaya Lamaciko Sihamba noSiyabonga Mpungose, singena emoyeni wenkondlo lapho amazwi ejwayelekile ehluleka khona.
-
957
#Jabulu Jule - INGONO YOMSAMO no Professor VVO Mkhize - 20 May 2026
INGONO YOMSAMO no Professor VVO Mkhize sikhuluma ngamaphupho nezibonakaliso okungumqulu nomcamelo womlando wempilo yenjabulo nenhlupheko yethu. Ithongo nedlozi libhoboka ngakho ukusicacisela lapho konakala khona nalapho kufanele silungise khona.
-
956
#JabuluJule - Sihleli no Ali Mgube omunye wabaculi abamnkantshubomvu emculweni kaMaskandi - 20 May 2026
sihleli no Ali Mgube omunye wabaculi abamnkantshubomvu emculweni kaMaskandi
-
955
#Jabulu Jule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu (sikhuluma ngesibhobo) - 19 May 2026
Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu ongumsunguli we Medilution clinic and lifestyle Sikhuluma ngesibhobo
-
954
#JabuluJule - Notha uJule ngezamabhizinisi - 18 May 2026
Notha uJule ngezamabhizinisi kulengosi sikhuluma nochwepheshe nongoti emabhizinisini sicushise osomabhzinisi abasafufusa emikhakheni eyahlukahlukene. Sino Mpumelelo Zikalala from Zikalala Attorneys.
-
953
#JabuluJule - Tea Time no Lady D - 18 May 2026
Ngangisemathandweni iminyaka eyisikhombisa, ngokwami kwakumnandi. Kwasa ngokunye mhla umlisa engishiya ngikhulelwe wayolobola intombi ka 3 months bashada. Ngabeletha ingane, ngathola uMuntu owangamukela nengane yami saba umndeni sashada. Indodana yami iyasebenza manje umfana oziphethe kahle ohloniphayo. Lendoda eyangishiya ngikhulelwe isiyahlukana yahlukanisa nomkayo manje isibuyile izongiphula umoya nje ifuna ingane yayo. Iyangicika lento, ngicela ningihlaziyele lendaba ukuthi kushuthi kumele ngimfake empilweni yengane ayengenandaba nayo engayazi nokuthi idlani ihlalaphi iphila ngani yonke leminyaka ..
-
952
#JabuluJule - Monday Therapy no Ntando Khambule (King Coward) -18 May 2026
Monday Therapy no Ntando Khambule (King Coward) waziwa kakhulu ngekhono lakhe kwezobuchwepheshe (digital content creator) uvelele eNingizimu Afrika yonkana futhi ungumuntu onethonya ezinkundleni zokuxhumana. Unabalandeli abangamakhulu ezinkulungwane, futhi waziwa kakhulu ngamahlaya akhe athe chithi saka ezinkundleni zokuxhumana, la ekhuluma khona ngezindlela zokuphila, kanye namavidiyo ahlekisayo adonsa ukunaka kwabantu ezinkundleni zokuxhumana.
-
951
#JabuluJule -Ncipha Bugebengu no Brigadier Bhengu - 18 May 2026
Ncipha Bugebengu no Brigadier u Nduduzo Bhengu oyinhloko yakwa SAPS esifundazweni saKwaZulu Natali ophikweni le Criminal Record and Crime Scene Management (Kwa-Zulu Natal)
We're indexing this podcast's transcripts for the first time — this can take a minute or two. We'll show results as soon as they're ready.
No matches for "" in this podcast's transcripts.
No topics indexed yet for this podcast.
Loading reviews...
ABOUT THIS SHOW
Jabulujule with Lady D kuKhozi FM is an interactive magazine show catering for a wide variety of listenership with the aim to deliver information, provide entertainment and build the nation. It tackles diverse issues, topics and news whilst also bringing the listener an assortment of the best of SA entertainment, current issues, debatable issues, to more light hearted and laid-back issues. The show is engaging, insightful, friendly and often tries to instil a spirit of togetherness amongst its listeners. Rural development, women empowerment, crime awareness, health and lifestyle are part of what characterizes the show. The show sets out to inspire & uplift, inform and give insight, educate and empower, all while entertaining the listener.
HOSTED BY
ukhozi fm
CATEGORIES
Loading similar podcasts...