EPISODE · Aug 23, 2023 · 23 MIN
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 22 August
from Jabulujule 9 -12 · host ukhozi fm
Ngibingelele kuwena Mam Khoza nethimba lakho nabalalelibomndeni woKHOZI FM. Ngingowesifazane osemncane osazimisele ngokwenzaokuhle ngempilo yakhe, nginenkinga Lana kushuthi angiqale Lana ngisemncanengila ko 8 years ngadlwengulwa nguBaba wami ekwenza lokhoephindelelela, lokho kwaphela mhla uMama wam eshiya umendo ephindela Kubo,akaze ngiyixoxel muntu nendaba ngaleso skhathi ngoba baba wayengithembisaukungibulala.Kubo ka Mama, kushuthi ngithe ngifunda grade 11 ngibe sengizitholasengisemathandweni nomfana wakhona ngasekhaya. ekhaya ke bebengayizwakahle indaba Yethu kodwa Mina ngaphikelela ngoba ngimthanda, siqalaukuthandana ngamtshela ngalento eyenzeka kimi ngisamncane wakhombakuzwelana nami. okungiphatha kabi, lokhuu ngaba naye othandweni akekhosupportive kimi nezingane akazondli uma enemali uziphuzela tshwala abuyeazongithuka okubuhlung nokungiphatha kabi ulokhu engthuka ngokuthingadlwengulwa, uma lapha emgaqweni angisho ngezinhlamba, okubuhlunguangizicelelanga ukudlwengulwa, athi ngiyisilima anginanqondo, ziningi kakhuluizinhlamba angithuka ngazo.Wangitholela indawo langihlala khona, ngase ngivula i-Tuck shop lengaengiziphilisa ngayo izingane zethu. Inkinga akangethembi lokhu ethi konke lokhuenginakho noma engikwenzayo ngikwenzelwa ngabafana lapho angimjoleli nhlobo,uyagishaya angihubhe ngomese nesibhamu.Okungaphathi Kabi kakhulu ukuthi zonke lezinto akekho ongikholwayo kuthiwanginamanga, ngiseke ngazama nokuzibulala ngenxa yalento engihluphayo emoyenikanye nalo mlisa engithandana naye angisazethembi nhlobo ngiyafunda eUnisasengize ngama ngoba ngiyahluleka kuningi ngingedwa ngapha Lo mlisa hlezeekhuluma amagama negative �� lomuntu ungijolele waze wakhulelisa, mangithingiyakhuluma naye athi angisiye uMama wakhe.Ngiyafisa ngabe ngiyafa kunokuphila kanjena ngiphiliswa muntu ongangenzeliLutho ongangiphi ngisho imali yensipho kuphela Mina nje okumele ngilokhungimondla akangazi nokuth ngiyini.Mina anginabo abazali sebashona bonkeuhlekisa nangalokho, akafuni ngibe nabantu engihleka nabo uma kuyintombazanevele athi bangifundisa uthanda amadoda, mangihleka nama customer vele athiamadoda ami.Ngicela ningbonise ngenzenjan makunjena ngihlala ngisendlini ngiyazenyezakwamina, njengamanje ngiyabona usizo ngiyaludinga ngendlela okwenzekangakhona lesilonda sokudlwengulwa siyabhibha ngathi kade kwenzeka manjeisizathu ilomuntu ongikhumbuza usuku nosuku ngibe ngadlulisa.Kwenziwa njani makunjena. Ngiyabonga Mam Khoza.
NOW PLAYING
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 22 August
No transcript for this episode yet
Similar Episodes
Feb 4, 2026 ·18m