EPISODE · Aug 24, 2023 · 16 MIN
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 23 August
from Jabulujule 9 -12 · host ukhozi fm
Ngibingelele oKhozini igama lami ngu Nombulelo ngina 33iminyaka nginenkinga no sisi bami ababili abangakwazi nhlobo ukubonga,mina nguDokotela njalo ke ngenyanga ngiye ngithumele imali engango R3000 kodwa njeoDadewethu babona sengathi angifuni nemali njengoba ngingu Dokotela, minaangiliboni iphutha lami kule Mali engikhiphayo ngoba phela nabo bayasebenza yizeimisebenzi yabo ingafani neyami kodwa bayasebenza mina nje imali esuke ngifakaukuthi igcwalisele okuzoshodaKanti ke futhi mina ngishadile futhi nginezingane angazi ukuthi yindaba belindeleukuthi ngibakhiphele izizumbulu kodwa nami ngibe ngino mndeni wami okumelengunakekele, baseke bangitshela ukuthi kumele ngifake imali ethe ukuba ningi kunaleengifakayo ngoba bahlala no Mama ekhaya okusho ukuthi bafuna ngibakhokheleukuthi bahlala no Mama wabo nabo kodwa benza ngathi basiza mina ngokuthi bahlelinaye akusikhona nokuthi uMama ungu muntu ongakwazi ukuzenzele lutho, uphililenje kahle nami ngake ngamcela uMama azohlala nami wanqaba wathi ngeke akwaziukushiya umuzi wakhe no mnyeni wakheKuningi kakhulu engikwenzela umndeni wami ngoba ngisho imshwalenseyokungcwaba bakhokhelwa yimina konke nengane zabo kodwa abakaze babongenoma bafake isandla yonke into edinga ukukhokhelwa kuba umthwalo wamingaphezu kwale mali engihlale ngithumela nayo nje sengiyayithumela ngenxa nje yaMama ukube akekho ngabe Kade ngaphuma kubonaangeke ngisho ukuthi kukhona izeluleko engizidingayo kubalaleli kodwa ngiyafunaukudlulisa ukuthi abantu ikakhulukazi amalunga omndeni ukuthi akasicabangele nathiukuthi sinemindeni nathi , sinezingane , abayeni ekugcina lokho kuk’xabanisanomuzi wakho wakho. Kumele bayeke ukucabanga ukuthi umuntu owenzalemisebenzi ephezulu ehola kakhulu efana nowami kusho ukuthi unayo yonke imaliemhlabeni awusweli lutho ngoba lokho akusilona iqiniso nathi imali yethu iningiinjalo kodwa nayo inezinto ekufanele izenze, inezinkinga esuke izilindile isebenze izeiphele njengo mholo wawonke umuntuNgibonge ithuba.
NOW PLAYING
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 23 August
No transcript for this episode yet
Similar Episodes
Feb 4, 2026 ·18m