Ukhozi FM Bulletins 08h00
from Ukhozi FM News Bulletins Hosted by SABC News and Current Affairs
Amaphoyisa asevule amacala amabili okuzama ukubulala, emva kokulimala kwezisebenzi ezimbili zenkontileka eyakha isiteshi sikagesi iMedupi eLephalale eLimpopo. Sekuthunyelwe amaphoyisa amaningi elokishini eliseduzane nalendawo iMerapong. Umsolwa ongaziwa ovulele ngenhlamvu ebhekise ezisebenzini zalenkontileka ebezilindele into yokuya emsebenzini usagcwele amathafa namanje. Omunye wabalimele uphuthunyiswe esibhedlela esizimele ePitoli. Emasontweni amabili edlule kudutshulwe amabhasi amabili, kwalimala umshayeli welinye lalamabhasi. U-Witness Tiba wezindaba zeSABC uyasibikela............. [TAKE: SB INCUE: Hundreds of OUTCUE: SOQ DURATION:0'27"] (Uthi kubonakala amakhulu amabhasi ethutha izisebenzi ngaphandle kokuphazamiseka. Uthi ezinye izisebenzi azifikanga emsebenzini izolo ngenxa yokwesabela impilo yazo. Uthi amaphoyisa asiqaphile isimo, wathi sekusungulwe ithimba labaphenyi ukuba liphenye ngalezigameko zokudubula. Uthi bekungakaboshwa muntu, wathi amaphoyisa aphenya amacala okuzama ukubulala) dbn scelo 12/06
Embed this episode
No transcript yet.