#Jabulujule - Tea Time 24 June 2024 episode artwork

EPISODE · Jun 24, 2024 · 12 MIN

#Jabulujule - Tea Time 24 June 2024

from Jabulujule 9 -12 · host ukhozi fm

Ngibingelele Mam Lady-D nethimba lakho, ngithe angedlulile namiokusenhlizweni yami, ngiyazi baningi abahlezi bebhalela kuloluhlelo le Tea time, angazi nokuthingiqalephi , inhliziyo ibuhlungu ngoba sengingenil Phakathi kukhona okuyizimpawu kpdwa angizangengizinake.Mam Khoza, ngisebudlelwaneni futhi sishadile ngokwaka (home Affairs) ulobolile waqeda thenwambesa, then sayobhala, angazi noma ukuvaleka amehlo uthando yini.Siqale ukuzwana ngonyaka ka 2012 uze walobola ngonyaka ka 2021, bese wambesa ngonyaka ka2022. Abukho ubudlelwane obuhlezi buhamba kahle kuba khona ukungaboni ngaso linye noma lezozinkinga obonanyo ningakwazi ukubhekana nazo kodwa kukhona okunye obonayo ukuthi kuyagqilazangoba uzitshela ukuthi ngokuhamba kwesikhathi kuzoshintsha…Ngingumuntu okwaziyo ukubekezela noam ngabe sekukubi angithandi kuthiwa ngishintshaamadoda.Sinezingane ezimbili, siyasebenza sobabili kodwa ngokwezimali mina uyazi ukuthi ngitholakangconywana ngavezela ngoba umsebenzi ngawuthola ngenx ayakhe, uyena owabona isikhangisosomsebenzi wangikhutahza ukuthi angifake isiscelo , ngemepla ngafaka ngabizwa ngagcianngitahthiwe.Inkinga manje ukuthi useyangiyekelela angazi noam ngifela lesi khathi bengikade ngingasebenzi yini,ngoba kunezinto aziyeka ngamabomu anagzikhokhela ngikhokhe iziznyanga zize zilandelane athulenoma uma egodukile akayifaki imali kwi akhawunti esifaka kuyona ukuze sikhokhele izidingozalapaha ekhaya.Lento seyenzeke isiskhathi eside angazi ngibhekane nayo kanjani ngoba nginezingane, sinomuzi, mina kuthi kupehla inyanga angisenayo imali ngoba ikhokhela zonek izinto zasendlini, angikwazi ukusebnzakodwa kube ngathi ngisebenzela izikweletu, kumele ngimncenge ukuthi enze izimfanelo zakhenjengendoda yomuzi, kumele ngimncenge ukuze angiphe imali, njengesithandwa sakho ukubonakalisaukuthi uyalibona iphutha lakho kuyenzeka uvale ihlazo noma kungemali ka petrol kodwa yena lutho.Ngithi ngibhale nje Mam Khoza, mhlampe bakhona abakulesimo engikusona, ngiyazi ukuthi isinqumosilele kumina, ngithi ngikhiphe okusesifubeni sami. Sengiyabona ukuthi ngathi sengizoyehla lenqola,sengicabangela izingane zami, udaba lokuthi zikhule abazali bengekho endaweni eyodwa kubanomthelela omubi kodwa angikwazi ukufa ngiphila ngibualwa yisimo engakwazi ukuzihlangulakusoona, kubuhlungu ukuhlukunyezwa “financially “ okubuhlungu kakhulu umuntu engithi uyithemba lami.

Episode metadata supplied by the publisher feed · Published Jun 24, 2024

Embed this episode

NOW PLAYING

#Jabulujule - Tea Time 24 June 2024

0:00 12:15

No transcript for this episode yet

We transcribe on demand. Request one and we'll notify you when it's ready — usually under 10 minutes.

No similar episodes found.

No similar podcasts found.

Frequently Asked Questions

How long is this episode of Jabulujule 9 -12?

This episode is 12 minutes long.

When was this Jabulujule 9 -12 episode published?

This episode was published on June 24, 2024.

Can I download this Jabulujule 9 -12 episode?

Yes. Use the download control on the episode player to save the publisher-provided media file.
URL copied to clipboard!