#Jabulujule - Tea Time no Lady D 10 June 2025 episode artwork

EPISODE · Jun 10, 2025 · 27 MIN

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 10 June 2025

from Jabulujule 9 -12 · host ukhozi fm

Ngiyabingelela kuwena Mam Khoza nakumlaleli woKHOZI FM ngicelaukuzifihla igama. Ngiyafisa ukucaciseleka ngesintu, uma singabantu abashaengekho umuntu onguBaba ongasifundisa asicacisele senza izizntongendlela engasiqhatha nabantu abadala,Ngicela ningikhanyisele lapha ongabanolwazi lapha Mma Khoza, Yaziumama wami wahamba ekhaya washiya umuzi wabuyela nathi kubosiyizingane, ngeminyaka yama-90s lapho ko1995, 1996. sasisebancanekakhulu.Umama noBaba babengakashadi kodwa ubaba wayelobolile futhiwayesesithenjini, umama babebathathu kuyena uBaba, owethu umama kungowesibili. Isizathu sokuhamba kukamama wahamba egula engaphilile.Wahamba uMama wabuyela ekhaya kubo emuva kokungaphili kahle,sahamba naye ngoba sasisebancane, wase esishiya nogogo yena wayaeGoli wafike wasebenza. Umuzi wakhe akawushiya wodwa wagcina ubabaewuqhaqha ngoba wawusumosheka. Ngingathi umama noBaba basebengabantu abahlukene ngoba umama wathola enye ingane ngo-1999komunye umuntu eGoli.Kunento eyenzeka uMama waba nokugula okwamenza wabuya eGoliwahlala ekhaya kubo okuyilapho okwashona khona ubaba wami ngonyakaka-2006, wangcwatshwa ubaba, wagqoka inzila umama maqede wabuyelakubo.Waphinde wabuyela eGoli umama wasebenza futhi lapho akayesebenzakhona. Sakhula siyizingane ngaqeda isikole mina ngaya ekhaya likababangafike ngakha, ngavusa umuzi lapha owawukade ukhona. Waqala umamawabuyela kulomuzi manje uma ebuya eGoli. Kwathi ngonyaka ka-2021kwafika isikhathi se-pension kumama wabuya wazohlala kulomuziesengiwakhile.Inkinga yamike ilana ke *** kuthiwa awushadi abazali bakho bengashadilenoma okungenani ushadele ekhabo mama, okusho ukuthi kumelengibashadise abazali. Umbuzo wami uthi ngibashadisa kanjani abantuabebengeke beshade vele ngoba basebehlukene?Ngaganwa nami ngalobola kodwa sagcina sixabana nomakoti sahlukanasenginomunye manje. Okunye engifisa ukukwazi ukuthi ngililande yiniilobolo lami noma alilandwa ngoba ngifuna lomakoti enginaye manje ehlalengokukhululeka engalibe ebanemicabango yokuthi nginomakotiengamlobola ngaphambili ngoba usengabuya ethi ngiyindoda yakhe ngobangamlobola kuqala. Ngiyaxolisa ukuba mude Mam Khoza ngiyabonga.

Episode metadata supplied by the publisher feed · Published Jun 10, 2025

Embed this episode

NOW PLAYING

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 10 June 2025

0:00 27:34

No transcript for this episode yet

We transcribe on demand. Request one and we'll notify you when it's ready — usually under 10 minutes.

No similar episodes found.

No similar podcasts found.

Frequently Asked Questions

How long is this episode of Jabulujule 9 -12?

This episode is 27 minutes long.

When was this Jabulujule 9 -12 episode published?

This episode was published on June 10, 2025.

Can I download this Jabulujule 9 -12 episode?

Yes. Use the download control on the episode player to save the publisher-provided media file.
URL copied to clipboard!