EPISODE · Jul 8, 2024 · 10 MIN
#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Ngingowesifazane onganile obhekane nenkinga. Ngizwe ngodade kamnyeni wami, engihlebela ukuthi ngathi ubhuti wakhe usefuna ukulobola unkosikazi wesibili.
from Jabulujule 9 -12 · host ukhozi fm
Ngiyakubingelela LADY-D nomlaleli woKHOZI FM, nakhu nami ngibhekane nenkinga, ngingowesifazane ngiganile, sineminyaka eyisithupha sishadile (6 years) kodwa ezinyangeni ezimbili ezedlule ngathola ukuthi umyeni nejngoba ewumuntu osebenzela esifundazwnei sase Mpumalanga kunomuntu ohlalisana naye. Ubelokhu engasabuyi uma kuyisikhathi sokuthatha i(LEAVE) ubengasabuyi ekhaya noma abuye isiskhathi esincane aphinde abuyele emuva kanti uhlala nalomuntu wesifazane, ubengasafuni nokuthi ngize lapha ehlala khona eMpumalanga, besekuyena kuphela omuya ekhaya nakhona ubuya isiskhathi esifishane aphinde ahambe futhi. Mam KHOZA ngigcine ngizwa ngodade wabo engihlebela ukuthi ngathi ubhuti wakhe usefuna ukulobola unkosikazi wesibili kodwa lokhu ukusho ngathi uyangibuza ukuthi ngabe ngingakwazi yini ukumelana nokuba sesithenjini. Ngamtshela ukuthi anngisoze ngayivuma leyonto ngoba wangithathyaa eyazi inkolo yami. Asikaze mina nomyeni wami siyikhulume nakancane indaba yokuthatha unkosikazi wesibili, kungcono umuntu uama ekutshela kuqala ukuthi izinhloso zakhe ukuthi abe nomunye unkosikazi, okubuhungu nakho konke�� ngizwa sengitshelwa udade wabo uktuhi ubhuti wakhe ufuna ukuthatha umfazi wesibili. Mina ngikhuliswe ngokwe nkolo yobuKrestu, angihambiselani nesithembu, angikaze ngikufihle lokho kuyena, wangithatha azi kahle, manje ngididekile ukuthi kumele ngenze njani ngoba sinawo umndeni, izingane zimbili, bengingathandi ukuthi izingane zami ngizikhulise ngedwa uYISE ekhona, lokhu kuyinto esasentsha kumina angazi ngenze kanjani , isimo esinje ngalesi ubhekana kanjani naso Mam Khoza, ngicela izeluleko kwenziwa njani makunje. Mlaleli wokhozi fm Uma nawe unodaba ofisa sikusize ngalo siWU JABULUJULE. Ungasithumelela ku [email protected]
Embed this episode
Ready to play
#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Ngingowesifazane onganile obhekane nenkinga. Ngizwe ngodade kamnyeni wami, engihlebela ukuthi ngathi ubhuti wakhe usefuna ukulobola unkosikazi wesibili.
No transcript for this episode yet
Similar Episodes
No similar episodes found.